Ubaba kaBabes uyawaphika amahlebezi esithembiso somshado

2018-04-08 17:46

eThekwini - Ubaba womculi oshaya amaWololo uwaphikile amahlebezi wokuthi wokuthi indodakazi yakhe isithenjiswe umshado.

Lokhu kulandela ukubonakala kuaMampintsha nalesi sinqandamathe sakhe bekhangisa ngetshe elikhulukazi esandleni sikaBabes ngesikhathi uMampintsha ethula ingoma yakhe entsha ethi-Amaketanga.

Iphephabhuku iDrum lithi uBabes akazenge athi ngodaba lwale ndandatho ngesikhathi bemupheka ngemibuzo.

"Akuyona indandatho yesicelo, yisitaleyela,"kusho yena.

OLUNYE UDABA:Abathanda isitayela nobumnandi bazowuthokozela umcimbi we-Durban Denim

Ubaba wakhe uMbongeni Simelane naye usevele wawapholisa lawa mahlebezi.

"Ukuze uthenjiswa umshado ngokosiko lwethi kumele indoda ithumele abakhongi kuzoxoxiswana ngamalobolo, kanti lokho akukenzeki,"kusho yena.

Uthando lukaBabes noMampintsha lulokhu lusematheni kusukela ngonyaka odlule kanti bobabili kabakaze baphumele obala ngokuthi ngempela bangamathe nolimi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.