Ubaba kaMeyiwa usefuna kube nokuthula phakathi kwakhe noKelly

2016-07-17 09:35

Johannesburg - Ubaba kalowo owayenguCaptain weBafana Bafana uSenzo Meyiwa ongasekho emhlabeni, uSam usefuna kube nokuthula phakathi wakhe noKelly Khumalo kodwa ufuna uKelly aqale axolise emndenini wakwaMeyiwa ngokuwuhlaza ekhuluma kabi ngawo kulandela isifo.

USam noKelly abakaze babone ngaso linye selokhu lo mculi aqala ukujola noSenzo.

OLUNYE UDABA: USam Meyiwa ubhodla umlilo ngoKelly Khumalo

UKelly noSenzo babusiswa ngengane yentombazane ngaphambi kwesigameko esadlula noSenzo esenzeka emzini kamama kaKelly eVosloorus  ngo-Okthoba 2014.

USam ekhuluma nabephephandaba iSunday Sun uthe usayamukela ingane kaKelly emndenini, wathi selokhu umama kaKelly aqala ukuyivakashisa  emzini wakhe oKwaZulu-Natal konke okwenzeka usakudlulisa, enzela ingane.

"Sengabona ukuthi nakuba kunenzondo phakathi kwami noKelly asikho isidingo sokujezisa ingane ngenxa yezono zanina.

"Angikwazi ukuqhubeka nempilo ngaphandle kokuthanda umzukulu wami," kusho uSam.

"Umama kaKelly wangishayela ucingo wathi kukhona okungahambi kahle ngomzukulu wami wabe esethi mhlawumbe kungangcono avakashele kubo kababa wakhe.

"Ngamtshela ukuthi ukuthi ayikho inkinga kodwa angafiki noKelly.

"Ngiyambonga umama kaKelly ngobuntu anabo waze wangilethela nomzukulu wami," usho njalo.

Kodwa waqhube ngokuthi abakwaKhumalo abakhohlwe wukuthi uzofika ayogeza umuzi wabo.

"UKelly kufanele afike yena nomndeni wakhe bazoxolisa ngendima ayidlala eyaholela indodana yami egodini.

"Njalo uma evela kumabonakude kungathi kuyamjabulisa ukufa kwendodana yami," kusho uSam.

UKelly nomama wakhe abatholakalanga bephawula. Ucingo lukaKelly belulokhu lukhale njalo lungabanjwa kanti futhi akazange aze ayiphendule imiqhafazo abethunyelelwa yona ngabeSunTeam kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.

“Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.