Ubaba kaSenzo Meyiwa unxuse uMbalula ukuba athole ababulala indodana yakhe

2017-09-17 13:34

Durban – Sekusabalale isithombe sikababa kaSenzo Meyiwa kanye noNgqongqoshe wezamaPhoyisa uFikile Mbalula ezinkundleni zokuxhumana.

Kulesi sithombe kubonakala uSamule Meyiwa etshengisa uMbalula amaphepha, kanti kuthiwa ube esemvalela ekhoneni efuna ukwazi ukuthi ithini inqubekelaphambili ngecala lokubulawa kwendodana yakhe.

Lesi sithombe sishiye abantu ezinkundleni zokuxhumana bencenga uMbalula ukuba athole ababulali baSenzo.

USenzo wadutshulwa esigamekweni okusolakala ukuthi kwakungesokubamba inkunzi ekubo kantombi yakhe uKelly Khumalo ngo-2014.

OLUNYE UDABA: I-Orlando Pirates isazoqhubeka nokulandelwa amashwa, kusho uSam Meyiwa

Njengoba sekuzophela iminyaka emithathu lo nozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates abulawa, namanje ababulali bakhe abaziwa.

“Leli ngelinye lamacala aseqhulwini kimi nethimba lami. Ngiyakholwa ukuthi kukhona abazoboshwa, kepha angifuni ukuqwashisa ababulali ngokukhipha imininingwane eminingi,” kuthiwa uMbalula usho kanjalo ephendula ubaba kaSenzo, ecushunwa yi-IOL.

Sekukaningi ubaba kaSenzo ekhala ngokuzitshwa kwecala lendodana yakhe njengoba ethi amaphoyisa awayinakile eyokuthola ababulali.

UMeyiwa umile kwelokuthi labo ababekhona indodana yakhe ibulawa, yibo okumele bakhiphe iqiniso.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.