Ubaba kaSenzo udinwa yiculo likaKelly, uthi uyeyisa

2016-11-21 10:01

Durban – Usephinde wagadla futhi kuKelly Khumalo ubaba walowo owayengunozinti we-Orlando Pirates kanye neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, ngenxa yeculo elitholakala kwi-albhamu entsha kaKhumalo,  kubika iDaily Sun.

USam Meyiwa uthi ingoma esihloko sithi Senzo kwi-albhamu yalo mculi ethi My Truth, yenziwa uKhumalo ngenhloso yokucasula bona njengomndeni.

UKhumalo wayeyisinqandamathe sikaSenzo kanti ngosuku adutshulwa abulawa ngalo kubikwa ukuthi babendawonye ekhaya lalo mculi eliseVosloorus, eGauteng.

OLUNYE UDABA: Uyise kaSenzo Meyiwa embangweni wengane noKelly

“Iqhamuka kuphi le ntombazane? Ifunani kithina? Bungakanani obunye ubuhlungu efuna mina nomndeni wami sibuzwe?” kubuza ubaba kaSenzo, uSamuel Meyiwa, engeza ngokuthi kubukeka sengathi uKhumalo ujabule ngokuthi indodana yakhe yashona ukuze ezokwenza imali ngegama layo.

“Uyeyisa le ntombazane.

“Iqiniso esilifuna kuyena elokuthi ngubani owabulala indodana yami, hhayi ukuthi enze izingoma esingaziqondi.”

Kuthiwa ngesikhathi uMeyiwa enengxoxo neDaily Sun, umama kaSenzo uhlwithe ifoni naye ezwakala ethukuthele egane unwabu ngesenzo salo mculi.

“Uma ngabe uKelly Khumalo engumuntu olungile athi unguyena, kumele asitshele ukuthi kwenzakalani ngosoku okwashona ngalo uSenzo ngaphambi kokuthi enze izinto eziwumbhedo,” usho kanje.

Okhulumela uKhumalo, uLinda Moeketsi, uthi lezi yizinsolo eziqinile futhi bazoludlulisela kubameli lolu daba. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.