Ubaba ubhoboka ngokujola nomunye wabasolwa ngokubulala indodana yakhe eThekwini

2017-11-15 15:59

Durban – Ubaba womunye wabafana ababili abaneminyaka engu-10 ubudala okutholakale izidumbu zabo eThekwini usebhobokile ngalolu daba, waveza ukuthi ubethandana nomunye wabasolwa nokubulala lezi zingane.

UThandaza Mankayi utshele iNews24 ukuthi usola ukuthi ingane yakhe ibulawe ngoba wale isithandwa sakhe seminyaka emithathu, u-Amahle Maliwa.

Uthi wanquma ukuba bahlukane ngomhlaka-14 Okthoba. "Kwenzeka kanjani ukuthi umuntu ebengimnakekela yonke le minyaka enze into embi kangaka enganeni yami. Ngabe yiyo indlela abengibonga ngayo le?" ebuza.

La bafana, okunguNjabulo Mankayi nomngani wakhe uLuyanda Msomi, bebenza uGrade 3 eClairwood Boys Primary School.

Bagcina ukubonakala begibela ibhasi belibangise emakhaya ngoLwesibili olwedlule, kepha abazange bafike ekhaya.

Isidumbu sikaNjabulo esase siqala ukonakala satholakala ngoMsombuluko eGrunter Gully Canal, eBayhead, eningizimu yeTheku.

EsikaMsomi satholakala esikhotheni eMontclair, eThekwini, ngoMgqibelo.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elabasolwa ngokubulala abafana abancane eThekwini

Manje uMankayi, oshadelwe, usevule isifuba ngobudlelwano bakhe beminyaka emibili noMaliwa. Uthi wakhetha ukwala uMaliwa ngesikhathi eseqala "ukungawuhloniphi umshado wakhe".

"Sasivumelene ngokuthi angagxambukeli emshadweni wami nokuthi futhi ngeke axhumane nomndeni wami," esho.

Nokho uMankayi uthi uMaliwa akazange awuhloniphe lowo mgomo ngonyaka odlule, waqala wadelela unkosikazi wakhe.

"Ubesenomkhuba wokungifonela ngisekhaya nomndeni wami, nokuyinto esingazange sivumelane ngayo. Wayesenokufonela umkami amtshele ukuthi ufuna ukukhuluma nami. Kwesinye isikhathi wayemthuka," esho.

Lo baba uthi izinto zibe bukhuni kakhulu kulo nyaka wabe esenquma ukuhlukana noMaliwa. "Lo muntu bengimondlela ngisho izingane zakhe, nginqume ukuhlukana naye ngoba esetshengisa ukungawuhloniphi umndeni wami."

UMankayi uthi uzwe kuthiwa uNjabulo noMsomi badliswe ushevu ngaphambi kokunklinywa babulawe.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

Reporting Accountant

Cape Town
Network Finance Professional / Prudential
R310 000.00 - R360 000.00 Per Year

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.