Ubaba uliphikile icala lokubulala indodana yakhe

2017-09-21 18:00

Johannesburg - UMarthinus Pelser, ungowesilisa osolwa ngokubulala indodana yakhe, uliphikile leli cala ngesikhathi evela eNkantolo yeMantshi yaseRoodepoort ngoLwesine ekuseni.

UPelser, 23, ubebukeka ekhululekile ngesikhathi uMshushisi woMbuso uPaseka Temeki emfundela uhlu lwamacala akhe.

Lo baba kuthiwa wabulala indodana yakhe eyayinezinyanga eziyisithupha izelwe, uDeon ngoJuni 11, 2016. Le ngane yatholwa ngumama wayo isishonile embhedeni wayo.

Le ngane ibilimele kabi ekhanda futhi inamanxeba okusha. Ngaleso sikhathi, kuthiwa lo baba wabaleka ngemoto yentombi ngemuva kokutholakala kwale ngane.

Waze wabanjwa eStrubens Valley ngemuva kwezinsuku ezinhlanu imoto isiphelelwe wuphethiloli.

OLUNYE UDABA:Ubaba odlwengula izingane zakhe ethi uyazikhulisa

Babili abantu abazonikezela ngobufakazi babo, uConstable David Malithulele owathatha izithombe endaweni yesigameko kanye noSayitsheni Collen Lelele, oyiphoyisa laseHoneydew futhi owaba ngowokuqala ukufika endaweni yesigameko.

Ngesikhathi umshushisi ebuza uLelele ukuthi wabonani efika kulo muzi uthe: "Egumbini lokuphumula kwakunesibuko esincane odongeni. Ngadlula ngaya ekamelweni lapho ingane eyayilele khona ngabona intambo ilenga emnyango kanti kubhavu wokugeza kwakugcwele amanzi.

"Ngabona isidumbu sale ngane ngase ngibiza abosizo lokuqala." 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.