Ubaba usacaze phansi ingane efulethi, wazibulala

2016-07-20 11:31

Johannesburg – Umlisa oneminyaka engu-41 ubudala ugxumele phansi phansi washona ngemuva kokusacaza ingane yakhe kuqala ngoLwesithathu ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Tsekiso Mofokeng uthe umlisa uqale wagwaza unkosikazi kanye nendodana yakhe , wabesethumba ingane ngaphambi kokuba ayisacaze phansi isuka kwi-balcony.

“Umlisa naye ubesegxumela phansi esuka kwi-balcony kanti ushonele khona lapho,” kusho uMofokeng.

Funda nalolu daba: I-ANC igxeke ukuxoshwa kwezintatheli eSABC

Kukholakala ukuthi umlisa lona ubenengxabano nomkakhe ngoLwesibili ngaphambi kokuba agwaze umndeni wakhe.

“Umkakhe ukwazile ukuphunyuka wabaleka endaweni yesehlakalo, umlisa wathumba indodana yabo eneminyaka emithathu ubudala. Kubizwe amaphoyisa endaweni yesehlakalo.”

“Ekuseni (ngoLwesithath) ubesephosa ingane phansi isuka esitezi sesithupha, naye wabesegxuma. Yena ushonele khona lapho kanti umkakhe nengane bangeniswe esibhedlela,” kusho uMofokeng.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.