Ubaba uvumile ukuthi wacikeka wabe eseshaya usana lwakhe lwaze lwashona

2018-02-09 19:39

Cape Town - Usana olunezinyanga ezine luzelwe lwashaywa ngamanqindi nangezimpama lwaze lwashona ngenxa yokuthi lwalukhala lungasathuli ubaba walo waze wacikeka.

UChristo Hartman, 25, ngoLwesihlanu ulivumile icala eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape, wagonyuluka ukuthi wabulala usana lwakhe lomfana emzini wakhe oseRobertson ngomhlaka-4 Febhuwari 2017.

Lo mlisa osebenza epulazini esitatimendeni abenxusa kuso ushwele, esifundwe ngummeli wakhe uJC Byleveld, uthe walanda ingane yakhe kumama wayo, uMelissa Filander, ekuseni ngelanga lesigameko ukuze ayochitha nayo isikhathi.

Uthi bafika endlini ingane wayifunza iphalishi, "kepha ilokhu iqandule njalo yaphinde yazimoshela".

OLUNYE UDABA: ‘Akazange atshengise ukuzisola ubaba owabulala usana’

"Ngayiphipha ingane ngazama futhi ukuyifunza, kepha yaqhubeka nokukhala ngingayazi ifunani," esho.

UHartman uthi lokhu kwamcasula kakhulu ngoba vele ubaba kaFilander watshengisa ukumxwaya ngesikhathi eyolanda ingane "wenza sengathi akathandi ingane ihambe naye".

"Ngenxa yokucikeka kwami, ngakhiphela isibongo enganeni ngayishaya ngezimpama ebusweni nasentanyeni kaningi, ngayishaya nangamaqupha ekhanda.

"Ngesikhathi ngimshaya ngamaqupha ekhanda umntanami, esinye isandla sasimbambe emhlane," esho.

Udaba oluphelele lapha.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.