Ubaba wochithwe yiChiefs ufuna ikhokhe imali yendodana yakhe

2017-06-21 18:00

Cape Town – Ubaba walowo obengumdlali weKaizer Chiefs, uSiyanda Xulu, nokunguChristopher, uthi indodana yakhe ishiywe inengekile yiKaizer Chiefs futhi ayikwazi ukuqhubekela phambili njengoba ilinde ukuthola imali yokuchithwa yileli qembu kanye namaphepha ashoyo ukuthi isingajoyina elinye iqembu, kubika iKickOff.

UXulu wajoyina Amakhosi ngaphambi kwesizini ka-2015/16 nalapho asayina khona iminyaka emihlanu futhi wafika kulindelwe lukhulu kuyena, ngemuva kokuchitha iminyaka emithathu neqembu laseRussia, iFC Rostov.

Nokho izinto azihambanga njengoba kwakulindelwe, njengoba uXulu aqala imidlalo eyisithupha nje kuphela kumasizini akhe amabili eNaturena ngaphambi kokuba amenyezelwe kanye nabanye abadlali abachithwe yiChiefs ngesonto eledlule.

Ngokuqonda kweKickOff, bekungasekho ukuxhumana phakathi kukaXulu kanye nomqeqeshi uSteve Komphela, nokwenze lo mdlali wasala enengekile ngokungathenjwa kanye nokungabongwa yilo umqeqeshi.

OLUNYE UDABA:IKaizer Chiefs idedele abadlali abayisikhombisa

Phezu kwalokho, uXulu ukuthola kunzima ukuthi adlulise isikhathi esimbi abe naso kuChiefs ngemuva kokudedelwa njengoba esalinde le kilabhu ukuthi imkhokhele imali yakhe kanye nokuthi imnike amaphepha okumkhulula.

“Ayikho inkinga ngeChiefs, kodwa kudingeka banginike amaphepha akhe [okumkhulula] futhi kudingeka baphinde bamkhokhele ngoba useneminyaka emithathu esele nabo,” uyise kaSiyanda Xulu utshele iKickOff.com. “Ngakho kudingeka bamkhokhele imali yakhe bese bekhipha [amaphepha] okumkhulula futhi ngikholwa ukuthi uzoyithola enye ikilabhu.

“Sengikushilo lokho, vele uphoxekile ngokukhululwa, kodwa ukuzulazula kanye nokukhuluma emaphapheni angeke kusize, angeke kusize. Okubalulekile manje ukuthi iChiefs kumele ikhokhe imali yakhe bese ikhipha amaphepha akhe ukuze ezokwazi ukuhamba bese edlala ibhola.”

Ubaba kaSiyanda uthi kunenqwaba yamaqembu akuleli asekhombise ukuba nentshisekelo yokusayina indodana yakhe, nathi akangabazi ukuthi izothola iqembu ngungakaqali isizini ka-2017/18.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.