UBabes Wodumo nesiqalo esisha

2017-06-27 16:00

Durbna - Umculi wakuleli ophinde abe ngumdansi, uBongekile "Babes Wodumo" Simelane usethole inkampani entsha ezophatha izindaba zakhe, kubika iDrum.

Le ntokazi isilaxaze abaphathi bayo enkampanini iWest Ink yajoyina i-African Star Communications ukuthi kube yiyona evuselela isithunzi sayo futhi iqinise nodumo lwayo.

UJustine Abrahams we-African Star uthe: “UBabes uyisihlabani esithandekayo futhi sekunesikhathi sifisa ukusebenzisana naye. Asimthathiswanga wukuthi uxinwe yizinkinga kodwa sifuna ukusimamisa izinga lakhe.”

OLUNYE UDABA: Ulaxazwe yimenenja uBabes Wodumo

UBabes usenezinsuku ezimbalwa ejoyine le nkampani ngemuva kokukhalaza kwabalandeli bakhe ngokuthi abaphathi bakhe yibona abehlisa isithunzi sakhe nabadicilela phansi igama lakhe.

Umsindo ususwe wukuthi le ntokazi ayikwazanga ukuba yingxenye yomcimbi wama-BET Awards yize nayo ibengomunye wabaculi abaphakanyiselwe indondo yabaculi base-Afrika abavelele.

Yize esazoqhubeka ukuqopha umculo wakhe eWest Ink kepha izindaba zakhe sezizophathwa yi-African Star.

Lezi zindaba zamenyezelwa ngoLwesihlanu ngesikhathi iWest Ink ibize isithangami sabezindaba esiphuthumayo eThekwini, yazwakalisa nokuxolisa kwayo ngezinxushunxushu ezibe khona ngodaba lwe-visa kaBabes.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.