UBabes Wodumo 'webe' umcimbi

2018-04-22 16:00

Durban - Iphenduke inkundla kaBabes Wodumo iGqom in Concert, ebise nxanxatheleni yezitolo iPavallion Mall, eWestvile ngaphandle kancane kwedolobha iTheku.

UBabes ngaphambi kokuba anandise kulo mcimbi, utheleke neqembu lakhe labadansi ehambisana no-Biggy oke wabasematheni ngokuthi ulingisela uDladla Mshunqisi ngamatemu uma ecula.
 
Ubegida kubencane indawo uBabes etafuleni ebehleli kulo, egadwe izigansonso zamadoda ebengafuni lutho eduze kwakhe.

OLUNYE UDABA:Usezonandisa kwi-Gqom in Concert uBabes wodumo

Abantu ebebehambele lo mcimbi begcine sebebuka lentadokazi yomculo weGqom, igida kusofa nasematafuleni, abantu ebesetendeni lezicukuthawane bagqolozela bona. Nabakade bebuka umcimbi, babhekisa amakhanda ngakubona kuqhuma amakhwela.

Becula ingoma eshawa wu-Biggy kanye noDj Webster ethi "mangena thina obaleka", bekunyakaza phansi masebeshaya lengoma.
 
Abaculi benze into yamehlo, kwabonakala ukuthi lo mculo uthakaselwa ngendlela kakhulu.
 
 Abaculi abanandisile kubalwa, uDj Tukzin, uDj Junior De Rocka,u Dj Fresh,Black Motion, uBusiswa, uBabes Wodumo kanye neDistruction Boyz enandise kanye kanye noTipcee noMshunqisi.

Kwaqhuma ama-champagne umcimbi usuvalwa, kudansa iqembu le-material boyz, elidume ngemidanso yalo yodwa.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.