Ubabezala uqashe mgekhaya, abazuluku balala bengadlile

2016-11-04 19:30

Durban - Ingoduso yephoyisa lakwaMasipala weTheku elashona engozini yemoto, uMduduzi Buthelezi, ifuna ukwazi ngezimfanelo zalezi zingane zabo nephoyisa.

UNompumelelo Mthembu okhulume ne-Eyethu Umlazi ngokuhlukumeza ngezindlela eziningi selokhu kwashona uyise wezingane zakhe.

Uthe izingane zilambile zidinga imali, kodwa kwaphuma imali engango-R25 000 ngomngcwabo, kufanele zihlelelwe konke okungokwazo.

“Ubaba kaMduduzi wagcina ngokuletha uR800 kuphela. Kumanje ngizwile ukuthi useqashisile ngomuzi kaMduduzi okwa-Q, kodwa izingane azinazo izingubo zokugqoka,” echaza ngosizi lwakhe.

UMthembu uthi yize babenezinkinga yena noMduduzi kodwa lokho akusho ukuthi izingane zakhe kumele zilambe.

“Ngihlukumezekile kakhulu nezingane zami, ngihlukunyezwa wumndeni kayise wazo.”

OLUNYE UDABA:Kuqubuke impi phakathi kwentombi nomama wesoka kubangwa ifa

“Ngo-Ephreli 27 ngonyaka odlule kwafika umkhongi, umamezala nobabezala bezothi ‘asihlukane’ ngokuhlala ngoba siyaxabana. “Bakhuluma kanje vele sebeyazi ukuthi sekukhona omunye umuntu wesifazane asembetholele indodana yabo,” kusho uNksz Mthembu.

Uqhubeke ngokuthi akuphelanga nesonto elilodwa yangena intombi. 

Kuthiwa le liphoyisa lagasela kubo kaMthembu limfuna ngodli. Walithela ngephalishi behilizisana kwaba wukumdubula kwakhe, maqede wabaleka ecabanga ukuthi ushonile.

Eziphendulela uMnuz Alfred Buthelezi ongubaba kamufi uthi unina wezingane akehlise umoya ngoba uzobikelwa ngakho konke okuqhubekayo.

“Angisiyena ubaba ongathembekile mina, uma enenkinga akangifonele. Izingane zikhaviwe kumshwalense kayise.”

“Mina ngizozondla izingane ngezami. Ngiyile esikoleni ngasayinisa endala ngezindaba zamafa ngoba useneminyaka eyi-18, laba abanye bancane,” kusho uMnuz Buthelezi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.