UBaleka Mbete bamuphuce iqatha emlonyeni, kusho uMalema

2017-02-14 18:01

Durban - Umholi we-EFF uJulius Malema ugadle ephindelela enhlanganweni ebusayo i-ANC mayelana nemikhankaso yalabo abazohola leli qembu.

Lokhu kwenzeke esithangamini sabezindaba abenaso ngoLwesibili emini.

UMalema uveze ukuthi uBaleka Mbete oyilungu le-ANC futhi abuye abe nguSomlomo ePhalamende ugileke igoda njengoba eseshiyeke ngaphandle kwabazokhankasela ukuhola leli qembu.

UMalema ubuze umbuzo wokuthi kungani kulaxazwe uMbete kwakhethwa uNkosazana Dlamini-Zuma, yini ehlukile ngalaba bobabili?

Lo mholi we-EFF ubuye waziphendula yena ngokuthi uDlamini-Zuma naye usethengwe ngabakwaGupta.

“UNkosazana Dlamini-Zuma bamthenga ngesikhathi bemnika indondo, le bekuyindlela yokumthenga ukuze akwazi ukukhankasela ubuholi baleli qembu esenoxhaso lwezimali oluthe xaxa.

“Lokhu kwenze uBaleka wadideka wangabe esazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani njengoba wayethenjisiwe ukuthi kuzokwesekwa yena njengomholi wesimame ozokhankasela ukuhola i-ANC.”

OLUNYE UDABA:UMalema ubize umengameli Zuma nge’Blesser’

UMalema akagcinanga lapho njengoba aveze nokuthi ukudideka kuholele uBaleka ekutheni ashintshe ukwenza wajoyina umkhankaso kaDavid "DD" Mabuza onguNdunankulu waseMpumalanga.

Ngokusho kwakhe, uMabuza unomkhankaso oqine kakhulu ngoba amalungu e-ANC aseMpumalanga abumbene futhi uMabuza unemali eningi ngokwanele ukuthi angawuqhuba kahle umkhankaso wakhe aze aphumelele.

Ngaphezu kwalokho uMalema ubuye waveza ukuthi umkhankaso kaSekela Mengameli uCyril Ramaphosa untekenteke kakhulu njengoba eholwa yisifundazwe iGauteng kanti kuyaziwa ukuthi iGauteng ayikaze yawina nangelilodwa ilanga emikhankasweni yayo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.