Ubaleke waphela emehlweni umethuli wezinhlelo kufika umama wengane ngeyesondlo

2018-03-27 10:59

eGoli - Umethuli wezinhlelo ku-CNBC Africa TV uKarabo Letlhatlha ubaleke washiya isithunzi ngesikhathi evinjezelwa ngabolunye uhlelo lukamabonakude behambisana kanye nomama wengane yakhe.

Lo wesimame ongumama wendodana kaLetlhatlha eneminyaka eyisithupha ubudala, ubhalele uhlelo olutshengiswa kwi-DSTV i-No Excuses: Pay Your Papgeld, oludlala esiteshini iMoja Love.

Lolu hlelo luzingela obaba abangazondli izingane zabo.

Lo wesimame osebenzela inkampani yezindaba eGoli uthi lo methuli wezinhlelo useneminyaka emithathu engasikhokhi isondlo yize ehola imali engango-R40 000 ngenyanga.

Abahleli balolu hlehlo badobe uLetlhatlha baze bamufikisa ehhotela eliseSandton bemkhohlisa ngokuthi uyokwenza inhlololwazi yomsebenzi womsakazo.

Lo wesimame uthi basebenzise amaqhinga okuheha lo baba wengane yakhe ngoba naye ungusomaqhinga oputshuka kalula ekwenzeni izidingo zengane yakhe.

OLUNYE UDABA: Umama wengane ushaye umakhwapheni ngevazi

Kuthiwa lo mlisa udle phansi ngesikhathi ebona ukuthi ayikho inhlololwazi yomsebenzi kodwa kuzoqulwa udaba lokukhokha isondlo.

AbeSunday World bathi abasebenzi abakhayo kule ndawo bavele baphela yinsini bebona insizwa egqoke isudu ibaleka ijahwa ngabamakhamera ngemuva.

ULetlhatlha ugcine esezinikela ngesikhathi ebona ukuthi umthwebuli akapheli moya ulokhu esemuva kwakhe.

"Ugcine esevumile ukuxoxa ngalolu daba wathi into emenza angayikhokhi imali yesondlo wukuthi angimuvumeli ukuba abone ingane," kusho umama wengane.

Lo mlisa ugcine ngokuthi kungcono kube nomhlangano phakathi kwabazali bakhe nabazali bale ntokazi kodwa akazange aphumele obala ngokuthi uzoyikhokha yini imali yesondlo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.