Ubalelwa ku-R2.6m umonakalo odaleke eMoses Mabhida Stadium

2018-04-25 18:00

IMeya kaMasipala weTheku uZandile Gumede isiqinisekisile ukuthi umonakalo odaleke eMoses Mabhida Stadium ngesikhathi kuqhubeka udlame ngoMgqibelo ubalelwa ku-R2.6 million.

Ngemuva kokuguqisa iKaizer Chiefs ngo-2-0 koweNedbank Cup, iFree State Stars ayizange ikwazi nokubhiyoza kahle njengoba abalandeli baMakhosi bavele bagasela enkundleni bashaya onogada bephula nezinsizakusebenza zabezindaba.

Abalandeli babezwakalisa ukudinwa kwabo kulandela ukuphunyukwa enye inkomishi kule sizini.

Ngemuva kwalo mdlalo obengumqeqeshi uSteve Komphela wabe esebeka phansi izintambo.

OLUNYE UDABA: I-SAFA inxusa umphakathi ukuba usize kutholakale 'izixhwanguxhwangu' kolwaseMoses Mabhida

"Okokuqala ngithanda ukuzwakalisa ukuthi ngiyalugxeka kakhulu lolu dlame, ukucekelwa phansi kwempahla kanye nobuxhwanguxhwangu okwabonwa wumhlaba wonke ngoMgqibelo," kusho uGumede, kubika i-website ye-eNCA.

"Ngisho kungathiwa udinwe kangakanani, akumele lokho kuphethe ngezigameko zodlame kuze kulimale abantu abangenacala ngenxa yomdlalo.

"Abathandi bomdlalo yibo okumele engabe bawuqonda kahle lo mdlalo, akukhathaleki bayawina noma bayahlulwa. Uma uhluliwe akumele kube khona umuntu ozizwa engasaphephile futhi akumele kube khona mpahla ecekelwa phansi."

NgoMsombuluko, kuvele enkantolo lowo ongumsolwa kulezi zidubedube kanti uGumede uthi uyethemba ukuthi nabanye basazoboshwa maduze.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.