'Ubaluleke nakhulu nakithina umdlalo wamanqamu eNedbank Cup'

2017-06-24 15:30

Durban - Umdlali weSuperSport United, uThabo Mnyamane, ukholelwa ukuthi nabo umdlalo wamanqamu weNedbank Cup ubaluleke njengakwi-Orlando Pirates noma ngaphezu.

Lamaqembu azotholana phezu kowamanqamu alo mqhudelwano ngoMgqibelo, okwesibili iminyaka ilandelana, njengoba iSuperSport yanqoba ngokwedlule ePolokwane.

Kulokhu, lo mdlalo uzoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini, ngo-20:15.

UMnyamane uthi nakuba iPirates ifuna ukuphendula amatafula kwazise ayibanga nesizini enhle, naMatsatsantsa afuna ukulungisa izinto njengoba ehluleka ukuthatha iTelkom Knockout nesicoco seligi nakuba ayesesethubeni elihle.

OLUNYE UDABA: IChippa ezinhlelweni zokudayisa isihlabani

"Akungatshazwa ukuthi bazobe bezama ukulungisa izinto ngenxa yesizini engabanga yinhle, ngakho ngeke kube umdlalo olula, kodwa nathi sizobe sizama ukuthola isicoco,” kusho uMnyamane.

"Asibanga nayo inhlanhla kwiTelkom [Knockout] nakwiligi, ngakho sifuna isicoco kule sizini.

"Ngokwethu, lo mdlalo wamanqamu uyithuba lokuba sithathe isicoco kule sizini.”

Uphinde wathi lo mdlalo ubaluleke kakhulu njengoba bezobe bevalelisa noStuart Baxter, osezoqeqesha iBafana Bafana ngokugcwele ngemuva kwalo mdlalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.