Ubanjiwe obedayisa imisebenzi kamasipala ePinetown

2018-03-08 07:34

eThekwini - Owesilisa oneminyaka engu-27 ubudala uboshiwe ngemuva kokuqola abantu izinkulungwane zamarandi ebathembisa imisebenzi kaMasipala ePinetown.

Lo mlisa ubebiza uR3000 umsebenzi ngamunye kanti ubeseqole abantu abathathu.

Kuthiwa ubexhumana nezisulu zakhe ngohlelo lwe-WhatsApp.

Wathembesa owesimame oshaya i-till esitolo esidayisa inyama yenkukhu ukuthi uzomfaka emsebenzini ePinetown kodwa kumele akhokhe imali engango-R3000 bese amthumela ubufakazi bokuthi ukhokhile.

Lo wesimame wayeno-R1500 awukhokha futhi wathumela ubufakazi ngo-WhatsApp.

OLUNYE UDABA:Ubulale umkakhe wafaka isidumbu sakhe emgodini wethoyilethi

Ngemuva kwezinsuku ezimbalwa, wamtshela ukuthi kunezinye izikhala ezimbili ezivulekile, angaletha abanye abantu ababili abafuna umsebenzi nabo bakhokhe.

Lo wesimame watshela abangani bakhe nabo bakhokha u-R1500 umuntu ngamunye.

Amaphoyisa athi umsolwa watshela laba ukuthi bafike eCivic Centre beyolanda imifaniswano yokusebenza ngomhlaka 9 Febhruwari ngoba bazoqala ukusebenza ngomhlaka 12.

Laba benza njalo ngethemba lokuthi bazohlangana nomqashi wabo omusha.

Kuthiwa umsolwa wagcina ngokuthatha isikhwama esasiphethe omakhalekhukhwini kanye nomazisi wosewimame oyedwa, akaphindanga wabuya.

Wasebenzisa umakhalekhukhwini walo wesimame ukuyenga abanye abantu ngemisebenzi kaMasipala, kubika i-IOL.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.