Ubanjiwe owebe izimbuzi ezinhlanu ethi uzokwenza umsebenzi

2017-08-30 19:30

Durban - Amaphoyisa aseNsuze kanye nophiko oluphenya ngokwebiwa kwemfuyo eGreytown baphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa abeba imfuyo kule ndawo.

Kulo mkhankaso, amaphoyisa abambe umsolwa oneminyaka engu-38 ubudala otholakale nezimbuzi ezinhlanu kanye nesikhumba senkomo.

Ekuqaleni kwale nyanga, kuke kwavulwa icala emaphoyiseni aseNsuze ngokwebiwa kwezimbuzi endaweni yaseDalibho. Lo msolwa uboshwe ngemuva kokuba asolwa wumphakathi ngokweba imfuyo.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Abasolwa babanjwe sebezihlinzile izimbuzi abazebile

Amaphoyisa athola lo msolwa nje umphakathi ubusumqedile ngesibhaxu futhi ubusuhlela ukushisa nomuzi wakhe.

Isikhumba senkomo lesi sikhonjwe wumnikazi wayo inkomo esibulewe kanti uphenyo lukhombisa ukuthi nalezi zimbuzi umsolwa ubesehlele ukwenza ngazo umsebenzi.

Izimbuzi zibe seziphindiselwa kumnikazi wazo.

Umsolwa uvelile eNkantolo yeMantshi yaseNsuze kulandela ukubekwa izcala lokweba imfuyo.

Lo msolwa kuthiwa uyabandakanyeka kwesinye isigameko sokwebiwa kwenkomo kwenye indawo, amaphoyisa athi azophenya ukuthi ngabe akathinteki yini kwezinye izigameko zalolu hlobo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.