Ubanjwe eHarding umsolwa owayekade efunelwa ngamacala aseGlebelands

2018-05-01 13:32

eThekwini -  NgoMsombuluko, kuhlanganyele amaphoyisa ama-yunithi ahlukahlukene ephuma umkhankaso wokuthungatha abasolwa ngokubulala ehostela laseGlebelands.

Ngemuva kophenyo olunzulu, amaphoyisa abambe oyedwa obefunelwa amacala okubulala kanye nawokuzama ukubulala ngamacela enzeka kuleli hostela naseMontclair.

Amaphoyisa alandele umkhondo walo msolwa aze afika endaweni yaseHarding nokuyilapho aboshelwe khona.

OLUNYE UDABA: Baboshiwe abadubule umfana emhlani begebenga kubo

"Lo msolwa uneminyaka engu-38 ubudala uzobekwa icala lokuzama ukubualala ngesigameko sokuhlaselwa kukaFezeka Njiyelo, 29, owadutshulwa walimala ngo-2016 kuleli hostela,"kusho amaphoyisa ngesitatimende.

Lo msolwa uyathinteka futhi emacaleni amabili okubulala enzeka eMontclair ngo-2015.

Kuthiwa ngomhlaka 12 Septhemba 2015 emini ngo-15h15 uWilliam Mthembu kanye noThokozani Machi babephuma esitolo khona lapha eMontclair ngesikhathi behlaselwa.

"Abasolwa babadubula abababulala ngaphambi kokuba babaleke ngemoto abebehamba ngayo. Kwavulwa idokodo lokubulala esiteshini samaphoyisa eMontclair."

Kuthiwa laba ababulawa babehlala ehostela laseGlebelands kanti ukubulawa kwabo kuyamaniswa nodlame olwaliqubeka kuleli hostela.

Umsolwa uzovela ngoLwesithathu eNkantolo kaMantshi eMlazi.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.