Ubanjwe ePMB owesimame obhekene nelokubulala

2017-12-19 11:06

eThekwini - Uyavela usolwa wesibili ecaleni lokuthumba nokubulala owesimame.

UNompumelelo Khumalo oneminyaka engu-27 ubudala waboshwa ngomhlaka 30 Novemba 2017 ngecala lokubulala uNomthandazo Dlamini, 22.

UKhumalo ubanjwe elokishini laseFrance ePietermaritzburg, lapho ayebhace khona ngemuva kokuzwa ukuthi ufunwa amaphoyisa.

Usezovela okwesibili enkantolo yesifunda eXopo.

Lo msolwa uboshwa kulandela ukubanjwa kukaJwayezile Khuboni, 39.

UKhuboni yena wagwetshwa ngomhlaka 25 Okthoba ngawo lawa macala. Wagwetshwa iminyaka engu-25 ngelokubulala kanye nango-5 ngelokuthumba.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa ngobungozi beziboshwa ezeqe ejele eMpangeni

Ngomhlaka 17 Septhemba kulo nyaka, uDlamini wayesekhaya kubo eDonnybrook ngesikhathi ehamba nowesimame ongaziwa futhi akaphindanga wabuya.

Ngosuku olulandelayo umndeni wakubo wabikela amaphoyisa ngokulahleka kwakhe, kwaqala umkhankaso wokumthungatha.

Isidumbu sakhe satholakala ngomhlaka 10 Septhemba siqotshwe ngocelemba, izingalo zombili kanye nekhanda kungekho.

Kwavulwa icala lokubulala, kwaboshwa umsolwa wokuqala wahamba amaphoyisa lapho elahle khona ingalo yakwesokunxele nokwagcina kutholakale yona yodwa, ikhanda nengalo yakwesokudla akukaze kutholakale.


Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.