Ubanjwe esemsebenzini osolwa ngamacala amane okubulala

2017-09-11 18:00

Durban - UNdumiso Brian Ntozakhe, 27, usolwa ngamacala amane okubulala kanye nelilodwa lokuzama ukubulala.

Lo mlisa uzovela okwesibili eNkantolo kaMantshi ePinetown ngoLwesithathu, mhla zingu-13 kwephezulu.

UNtozakhe ubhekene namacala okubulala abantu abane nokuzama ukubulala oyedwa endaweni yaseMarianhill ezinyangeni ezinhlanu ezedlule.

Lo mlisa ubanjwe esemsebenini eSiphingo ngomhlaka-4 kwephezulu, ebanjwa yithimba labaseshi baseMarianhill lisebenzisana nabaseshi baseSiphingo.

OLUNYE UDABA:'Umbulali nomdlwenguli' kulindeleke bavele enkantolo

Kuthiwa icala okuyilona elimbambisile lenzeka ngomhlaka-19 Agasti nonyaka lapho ahlasela khona abesimame ababili besekhaya eThornwood, eMarianhill.

Owesimame oneminyaka engu-54 ubudala wayenendodakazi yakhe eneminyaka engu-25 ubudala ngesikhathi behlaselwa yilo mlisa.

Umsolwa wangena kulo muzi wabadubula bobabili laba besimame, kwashona uDuduzile ‘Tessy’ Mbonambi, 54, kanti indodakazi yakhe yasinda kodwa yaphuthunyiswa esibhedlela isesimweni esibucayi.

Kwavulwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala.

Kuthiwa lo mlisa wahlasela laba besimame ngemuva kokuzwa amahlebezi okuthi bahambe betshela umphakathi ukuthi wabagebenga omakhalekhukhwini babo.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.