Ubanjwe ezama ukuzibulala ophindiswe ekilasini elingemuva

2017-02-02 13:00

Johannesburg - Ubanjwe esezama ukuzibulala umfundi waseSiphondwe High School, eMboza eJozini, enyakatho-mpumalanga yeKwaZulu-Natal, obephase uGrade 10 emuva kwalokho watshelwa esesekilasini kwaGrade 11 - eseqalile ukufunda - ukuthi kwenzeke iphutha akaphasanga, kumele aphindele emuva, kubika iphephandaba ILANGA.

Kuyimanje lo mfundi onguNkanyiso Mpontshane, 19, usehlale egadwe ngamalunga omndeni wakhe ngenxa yokwesaba ukuthi angase azenzakalise.

Kuvela ukuthi uphoxekile kwazise uthisha wakhe umtshele phambi kwezingane afunda nazo ukuthi kwenzeke iphutha wanikwa imiphumela ekhomba ukuthi uphasile ebe efeyilile.

Kuduma amakhanda emndenini wakhe, kawazi ukuthi kumele wenzenjani ukumsiza njengoba othisha bengayingeni eyokuxoxa nawo ngephutha abalenzile.

ILANGA likhulume noMnu Philani Mthembu ongumfowabo omdala kaNkanyiso, oveze ukuthi selokhu etshelwe lokhu akasadli, uhlala ezivalele egunjini lakhe ekhala - useke wazama nokuzibulala.

"Sijabulile ngonyaka ophelile ingane ibuya nemiphumela ekhomba ukuthi iphasile, umama waze wahlaba inkukhu ejabula. Kuvulwa izikole sithenge umfaniswano wesikole nezincwadi zekilasi ebesazi ukuthi uphasele lona," kusho uMnu Mthembu.

Uthi ngeledlule uNkanyiso ubuye esikoleni wabatshela ukuthi uthisha wakhe ucele ukubona imiphumela yakhe yangonyaka ophelile ngoba kunephutha elenzekile.

Uthi ngakusasa uNkanyiso uhambise imiphumela yakhe kuthisha wakhe ofike wayithatha wambuyisela isishitshiwe, isikhomba ukuthi ufeyilile.

Kuthe uma ebuza ngemiphumela amnika yona, wamtshela ukuthi kwenzeke iphutha bamnike imiphumela okungasiyona eyakhe yena akaphumelelanga.

UMnu Mthembu uthi ibadumazile indlela abasebenza ngayo labo thisha ngoba le nto bekumele bayixoxe nomzali wengane.

Uthi unina uvukele esikoleni eyothola kabanzi ukuthi iphutha lenzeke kanjani, wafike wathola ubunzima unogada emnqabela ukuthi angene esangweni lesikole.

OLUNYE UDABA: Inkosikazi icikwe ithuna lomyeni yalimba

Uthi kusize ukuthi unina azehlise, ancenge ukuze akwazi ukungena abonane nothishanhloko wesikole.

Nakhona esefikile esikoleni akazange ayithole incazelo ecacile ukuthi lenzeke kanjani iphutha, uthisha ubengasabonwa esekhuluma nothishanhloko kuphela.

"Nakhona lapho uthishanhloko ukhombise ukungabinalo uzwelo uma etshelwa ukuthi ingane ihlukumezekile ngento abayenze kuyona, isizame nokuzibulala. Uthishanhloko uvele wama ngelokuthi ngeke kusashintsha lutho izobuyela kwaGrade 10 ngoba kayiphasanga," kusho uMnu Mthembu.

Okhulumela uMnyango WezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnu Muzi Mahlambi, uzwakalise ukudumala okukhulu ngalolu daba wathembisa ukuthi uMnyango uzongenelela.

Uthi bazoxhumana nabahloli ukuze bathola kabanzi ngalolu daba.

"Uma kwenzeke iphutha ngomuntu kuba nemixhantela eminingi engemihle, lokho kungayikhubaza impilo yayo yonke ingane noma silahlekelwe yimpilo yayo ngephutha ebelingalungiseka. Lokhu abakwenzile kuwubudedengu obukhulu," kusho uMnu Mahlambi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.