Ubanjwe inkunzi obesengozini yemoto eThekwini

2016-07-12 17:34

Durban – Iqulu lamadoda nowesifazane basolwa ngokubamba inkunzi umshayeli wemoto obelimele kanzima kulandela ukuphalazwa yiveni yakhe ngemuva kokushayisa, eThekwini.

Inkampani yonogada ezimele iReaction Unit South Africa ithi ithole izingcingo ngengozi eyenzeke ku-R102 phakathi kweVerulam nePhoenix, enyakatho yeTheku, ngoMsombuluko ekuseni.

OLUNYE UDABA: Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

“Owesilisa osekhulile, oshonile ngemuva kokuphalazwa yimoto abehamba ngayo, webelwe izinto ebezisemotweni yakhe kulandela isigameko sengozi,” kusho okhulumela le nkampani uPrem Balram.

Uthe lezi zigelekeqe zibalekile ngemuva kokuzwa izimoto zamaphoyisa, kubika iSowetan.

“Sithole owesilisa eshonile omunye elimele kabi ngemuva kokuthi imoto abebehamba ngayo iphaphalaze yaphuma emgwaqeni, yase iyagingqika,” esho.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.