UBarack Obama uzokwethula isifundo esingoNelson Mandela

2018-04-23 16:00

Lowo owabe engumengameli waseMelika uBarack Obama uzokwethula isifundo sikaNelson Mandela esenzeka minyaka yonke, eGoli, ngoJulayi, kumemezela iNelson Mandela Foundation ne-Obama Foundation ngoMsombuluko.

"Ingxenye enkulu yempilo yakhe, uNelson Mandela wayichitha elwela inkululeko nokulingana. Ihlandla lakhe lokuba ngumengameli laligqame ngemizamo yokuqinisa intando yeningi eyayiseyintsha ngaleso sikhathi," kusho lezi zinhlangano esitatimendeni ezisikhiphe ngokuhlanganyela.

Isiqubulo salesi sifundo sizobe sithi "Renewing the Mandela Legacy and Promoting Active Citizenship in a Changing World".

Lezi zinhlangano zithi lesi sifundo sizokwenzeka ngomhlaka-17 Julayi 2018 - okuwusuku olwandulela iNelson Mandela International Day - e-Ellis Park Arena, eGoli.

OLUNYE UDABA: Ngifunde lukhulu kuMandela - Obama

Babalelwa ku-4 000 abantu okulindeleke ukuthi bayothamela lesi sifundo.

Lesi sifundo sizoba yingxenye yokuhlonipha iminyaka eyikhulu yokuzalwa kukaMadiba.

"INelson Mandela Annual Lecture izogxila kakhulu ekwakheni ukubuyisana nokusebenzisana kanjalo nokulwisana nengcindezelo nokungalingani," kusho isitatimende.

Abanye abantu abake baba yizikhulumi eziqavile kulesi sifundo kubalwa uBill Clinton, Thabo Mbeki, Ellen Johnson Sirleaf, Mary Robinson noMichelle Bachelet.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts

Jobs in Cape Town [change area]

Jobs in Western Cape region

IT Manager (contract)

Cape Town CBD
Communicate Cape Town IT
R330 000.00 - R458 000.00 Per Year

HSE Manager

Cape Town
Tumaini Consulting
R550 000.00 - R650 000.00 Per Year

Cluster Financial Manager

Cape Town
Network Finance
R950 000.00 - R1 000 000.00 Per Year

Property [change area]

There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.