Ungqongqoshe ududuze umndeni wengane, 3, eyamuka nezikhukhula

2016-11-25 06:48

Johannesburg – UMengameli we-ANC Women's League (ANCWL) uBathabile Dlamini ududuze abomndeni wentombazane, 3, eyamuka nezikhukhula eGoli wathi 'bangazisoli ngokwenzeka".

"Ningazisoli ngokwenzeka; okwenzeka naningeke nikunqande," usho kanje etshela abazali baka-Everlate Chauke.

Kuthiwa igama lengane ngu-Everlate hhayi u-Everite njengoba bekushiwo.

OLUNYE UDABA: Namanje ayikatholakali intombazane, 3, eyamuka nezikhukhula

I-ANCWL ibivakashele imindeni eyathinteka ngesikhathi sezikhukhula eGoli. I-ANCWL ibise-Alexandra iyokwethula umkhankaso i-16 Days of No Violence Against Women and Children.

"Ngesikhathi umphethe ngesikhathi sesigameko, kutshengisa khona ukuthi wawufuna aphile futhi wawumthanda," usho kanje.

Ubaba wengane uShadrick Chauke ube eselandise ngesigameko, indodakazi yakhe iwela emfuleni. Uthi wazama konke okusemandleni akhe ukuyisindisa.

Isidumbu sale ntombazanyana besingakahlonzwa.

"Asikholwanga ngesikhathi kwenzeka. Ngazama kodwa ngehluleka ukuyisiza ingane yami," usho njalo.

Ngesikhathi uShadrick echaza ngokwenzeka inkosikazi yakhe uCynthia ibihlezi eduze kwakhe izithulele uyibona ukuthi igcwele umunyu.

I-ANCWL ibe isinikelela lo mndeni ngemali nokudla.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.