UBaxter angase aphinde ahlomule kwiChiefs

2017-01-23 16:00

Durban - IKaizer Chiefs isengcupheni yokulahlekelwa yisitobha, uKhotso Moleko, ophelelwa yinkontileka kule kilabhu okumanje umataniswa neSuperSport United ecijwa nguStuart Baxter obeqeqesha iziMpofana phambilini.

Inkontileka kaMoleko odlala emuva kwiChiefs iyaphela uma kusongwa isizini.

IChiefs kubikwa ukuthi ibingakacacisi ukuthi izomugcina yini lo mdlali noma cha.

OLUNYE UDABA: Ugcine ebuyelile kumaBhakabhaka umdlali obebolekisiwe

Leli phephandaba ILANGA lithole ngemithombo yalo ukuthi uBaxter usejube izikhulu zeSuperSport ukuba zimsayinisele lo mdlali.

Kuthiwa isizathu salokho wukuthi akanaye umdlali oqondile ogijima ophondweni lwesokudla emuva yingakho echibiyela ngoMichael Boxall odabuka eNew Zealand.

UStan Mathews oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport, futhi okunguyena osayinisa abadlali kule kilabhu, wale waphetha ukuphawula ngalolu daba.

Nemizamo yokuthola uTim Sukazi we-QT Sports okuyinkampani ephethe izindaba zalo mdlali iphunzile njengoba ucingo lwakhe belukhala kodwa engalubambi.

UBaxter uma egcina ngokusayinisa lo mdlali kuzokube kungaqali ngale sizini ukuthi asayinise abadlali beChiefs njengoba esayinise unozinti uReyaad Pieterse, uReneilwe "Yeye" Letsholonyane odlala esiswini noMorgan Gould odlala emuva.

UTefu Mashamaite umsayinise esebuya kwiHacken edlala kwi-Allsvenskan eSweden kodwa naye umazela kwiChiefs anqobe naye izicoco zeligi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.