UBaxter uchaza ngokungabizwa kukaSerero kuBafana

2017-05-25 15:59

Cape Town – Umqeqeshi weBafana Bafana, uStuart Baxter, ukholwa ukuthi umgadli we-Ajax Amsterdam, uThulani Serero, kumele athole ikilabhu entsha uma efuna ukubizwa eqenjini lesizwe.

Lo mdlali oneminyaka engu-27 ubudala wayengaconsi phansi ngesikhathi sobengumqeqeshi ngaphambilini, uShakes Mashaba, phezu kokuthi wayekuthola kunzima ukuba seqenjini lokuqala le-Amsterdam.

Kodwa-ke noma kunjalo, uBaxter uthi ukubiza lo mgadli owayedlalela i-Ajax Cape Town bekungeke kube nobulungiswa esikwatini sesisonke.

“Angizange ngimqoke uThulani Serero,” uBaxter usho kanje ngemuva kokumemezela isikwati sabadlali abangu-25.

“Sengike ngaba nokuxhumana naye ngase ngamazisa ukuthi angicabangi ukuthi kunobulungiswa kuyena noma esikwayini sesisonke, uma ngabe usabe nemizuzu engu-800 yebhola ezingeni eliphezulu esikhathini esingunyaka esedlule.

OLUNYE UDABA: UBaxter usememezele isikwati seBafana esizobhekena neNigeria

“Angeke ngimuqoke kulo mdlalo kodwa ngimutshelile ukuthi ngizonitshela nina (abezindaba) ukuthi ngicabanga ukuthi ungelinye lamathalente ethu amakhulu.

“Uma esethole ikheli elisha (esedlalela ikilabhu entsha) ngizoqhubeka nokusebenza naye.”

INingizimu Afrika kulindeleke ukuthi itholane phezulu neNigeria ngoMgqibelo, ngomhlaka-10 kuJuni emdlalweni wokuvula wokuhlungela umqhudelwano we-2019 Africa Cup of Nations (AFCON).

IBafana Bafana izothatha indiza elibhekise eNigeria ngomhlaka-7 kuJuni ngaphambi kwalo mdlalo ozodlalelwa eGodswill Akpabio International Stadium, e-Uyo State, khona kuleliya lizwe.

Lo mdlalo uzoqala ngo-18:00 (ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.