UBaxter uphika eyokuthi uzama ukuchibiyela isikwati ayedlala ngaso kuChiefs

2017-02-07 19:34

Johannesburg – Umqeqeshi weSuperSport United, uStuart Baxter, useyiphebezile imibiko ethi uzama ukwakha kabusha isikwati ayesiqeqesha kuKaizer Chiefs.

Lokhu kulandela ukubonakala kwakhe esayina abadlali abachithwa yiChiefs, kubika iKickOff.com.

AMatsatsantsa njengamanje anabadlali abangaphezulu kwabayisithupha ababedlalela aMakhosi ababeyingxenye yesikwati sika-2014/15 esathatha iligi.

Lokhu kulandela ukuthi leli qembu lithole uMandla Masango obolekiswe yiRanders FC.

Nokho uBaxter uyihleke usulu le mibiko wathi ingamampunge, uthi yena akwenzayo ukuzama ukwakha isikwati esiqinile.

OLUNYE UDABA: Asijabule sibuyele nganeno - Baxter

“Ngiyazi kunabantu abazocabanga okwabo njengoba ngisayinisa abadlali ababegjima kuChiefs, angeke ngabaguqula-ke imiqondo,” esho.

"Okwethu ukuthi sinqobe imidlalo, okunye nokunye angikwazi. Mina umsebenzi wami ukuthungatha abadlali abanohlonze, akukhathaleki ukuthi baqhamuka kumaphi amaqembu,” esho.

Uthi ukuthatha kwakhe abadlali kuChiefs yingoba leli qembu linabadlali angathanda ukusebenzisana nabo, kanjalo ne-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns.

UBaxter ube esevuma ukuthi kunzima ukuthi iSuperSport isayinise abadlali abaqhamuka emaqenjini afana noSundowns ngoba babiza izimali ezishisiwe.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.