UBaxter usememezele isikwati seBafana esizobhekena neNigeria

2017-05-25 12:35

Cape Town – Umqeqeshi omusha weBafana Bafana usememezele isikwati sabadlali abangu-25 esizobhekana neNigeria emdlalweni wokuvula wokuhlungela imidlalo ye-2019 Africa Cup of Nations (AFCON).

Lo mdlalo uzodlalwa ngoMgqibelo, ngomhlaka-10 kuJune, eGodswill Akpabio International Stadium e-Uyo State, eNigeria. 

UBaxter ubagcinile abadlali abaningi ababeyingxenye yesikwati esabhekana neGuinea-Bissau kanye ne-Angola emidlalweni yobungani eyadlalwa ngokulandelana ngoMashi.

Unozinti uRonwen Williams, uBongani Zungu kanye noTokelo Rantie sebeshaye ibuya eqenjini lesizwe.

OLUNYE UDABA: Umphathi kaJali uchitha imibiko yokuthi uzobuyela ku-PSL

U-Aubrey Ngoma weCape Town City naye ube ngabanye bababiziwe.

“Ngijabule kakhulu ngesikwati esisihlanganisile. Sinenhlansi encane yokuthuthukisa ngabadlali abambalwa abancane. Siphinde sibe nabanye abadlali ababuyayo esikwadini, abadlali abafana noZungu kanye noRantie,” kusho uBaxter njengoba ecashunwe kanjalo kwi-website yeSAFA.

“Sinabadlali abebelokhu bevelele ku-PSL isizini yonke, siphinde sibe nokuqhubeka ngenqwaba yabadlali iSAFA esitshale isikhathi esiningi kubona futhi sinabo esikwadini. Ngicabanga ukuthi sinokuxuba okuhle.”

INingizimu Afrika isibhekane neNigeria izikhathi ezingu-12, nalapho leli qembu elisentshonalanga ne-Afrika selinqobe izikhathi eziyisikhombisa, base badlala ngokulingana emidlalweni emine.

Umdlalo okuwukuphela kwawo iBafana Bafana eyake yawuwina ibhekene neNigeria kwaba umdlalo okwakuqeqesha kuwo yena uBaxter – nalapho kwakuwumdlalo wobungani ngonyaka ka-2004 owawudlalelwa e-Ellis Park.

Umdlalo weBafana Bafana neNigeria uzodlalwa ngo-18:00 kusihlwa (ngokwesikhathi saseNingizimu Afrika).

ISIKWADI SEBAFANA BAFANA:

Onozinti

Itumeleng Khune (Kaizer Chiefs), Darren Keet (Wits), Ronwen Williams (SuperSport United).

Abasemuva

Ramahlwe Mphahlele (Kaizer Chiefs), Rivaldo Coetzee (Ajax Cape Town), Thulani Hlatshwayo (Wits), Eric Mathoho (Kaizer Chiefs), Lorenzo Gordinho (Kaizer Chiefs), Abbubaker Mobara (Orlando Pirates), Tebogo Langerman (Mamelodi Sundowns), Sifiso Hlanti (Wits).

Abasesiswini

Hlompho Kekana (Mamelodi Sundowns), Keagan Dolly (Montpellier, France), Andile Jali (K.V. Oostende, Belgium), Kamohelo Mokotjo (FC Twente, Netherlands), Dean Furman (SuperSport United), Themba Zwane (Mamelodi Sundowns), Bongani Zungu (Vitória S.C, Portugal), Aubrey Ngoma (Cape Town City).

Abagadli

Percy Tau (Mamelodi Sundowns), Lebogang Manyama (Cape Town City), Kermit Erasmus (LENS, France), Sibusiso Vilakazi (Mamelodi Sundowns), Tokelo Rantie (Genclerbirligi, Turkey), Thamsanqa Gabuza (Orlando Pirates).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.