Ubebomvu ukudinwa owesifazane indodakazi, 10, ikhethe ukuyohlala nesoka

2016-08-08 19:03

Harare - Uvele wathukuthela umama ngesikhathi ezwa ukuthi indodakazi eneminyaka engu-10 ubudala ibalekile ekhaya yayohlala nesoka layo elidala kunayo.

Lo mama waseHarare eZimbabwe ushayele amaphoyisa ucingo ngemuva kokuduka kwendodakazi yakhe.

OLUNYE UDABA: Owesilisa ukhwelela unkosikazi ngesibhaxu ngoba efunde kakhulu kunaye

Le ntombazane iduke izinsuku ezintathu ngaphambi kokutholakala. Itholwe ihlezi noFarisai Magadza, 19, yathi isoka layo.

Le ntombazane ibe isihanjiswa kumam wayo isoka layo laboshelwa icala lokudlwengula.

Isoka lale ntombazane livele enakntolo kanti ligcinwe esitokisini njengoba lisalindele ukufaka isicelo sebheyili.

Le ntombazane kuthiwa itshele amaphoyisa ukuthi yaqala ukuzibandakanya ocansini nesoka layo ngonyaka phelile ngesikhathi lalilele kubo.

Ngesikhathi kulelwe uMagadza wangena egumbini ayelala kulo nodadewabo wangena embhedeni. wase ecela ukuthi bazibandakanye ocansini yavuma le ntombazane.

Le ntombazane ithe selokhu yona nesoka layo bayalala. Nakuba le ntombazane izivumele yona ukulala nalelibhungu isencane kakhulu ukuthi ingazithathela izinqumo ezinje ngakho leli bhungu lithweswe icala lokudlwengula, kubika iwwww.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.