Ubechibiyela umatikuletsheni wakhe owesifazane obulewe

2017-06-03 13:09

Cape Town – U-Unathi Booi waseKapa ubulawe ekade ebhala iphepha lesiNgisi likamatikuletsheni ngemizamo yokulungisa amamaki akhe ngoba elungiselela ikusasa eliqhakazile.

UBooi, 33, wasuka eLady Free e-Eastern Cape waya eKapa ngethemba lokuzothuthukisa imfundo yakhe njengoba ebenesifiso sokuphila impilo engcono nezingane zakhe ezimbili oKanya, 14, noMihlali 5.

Kuvele ukuthi lo wesifazane ongasekho wahlukanisa nomyeni wakhe kanti ubesehlala no-anti wakhe KwaLanga, ngaphandle kwaseKapa.

Esikhundleni sokugubha impumelelo yakhe, umndeni wakhe ulungiselela ukumngcwaba kulandela ukuthi ebulawe ngesihluku.

Ukufa kukaBooi kushiye omakhelwane beshayisana ngamakhanda ngenxa yokudideka nokushaqeka.

OLUNYE UDABA: Abasolwa abane basenkantolo ngelokubulala iphoyisa

Isidumbu sikaBooi sitholakale ngoMsombuluko ekuseni, ekhunyulwe ibhulukwe wabe esekopolotwa amehlo.

Kwenzeka lokhu nje, abantu bebesababaza isihluku okubulawe ngaso isitshudeni saseStellenbosch uHannah Cornelius, 21.

UCornelius wayekhuluma nomngani wakhe emotweni ngesikhathi behlaselwa ngezintatha ngoMgqibelo owedlule. Umngani wakhe uCheslin Marsh wathola ukulimala kulesi sigameko, kepha yena watholakala eshonile budebuduze nendawo yesigameko.

UBooi kuthiwa umndeni wagcina ukumbona ezikhiphe nabangani ngeSonto.

Okhulumela amaphoyisa aseWestern Cape uCaptain FC van Wyk uthe kuboshwe indoda, 42, mayelana nokubulawa kukaBooi, kanti kulindeleke ukuba ivele eNkantolo yeMantshi yaseBishop Lavis ngoMsombuluko.

 

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.