Ubegudla iguma ebuzwa ngokukhulelwa kukankosikazi, uMalema

2016-08-16 11:32

Johannesburg -  Akafunanga ukuphumela obala umholi we-EFF ebuzwa ngamahlebezi wokuthi unkosikazi wakhe ukhulelwe. 

Ngokusho kwabephephandaba iCity Press uMantwa,26, ongunkosikazi kaMalema wabonakala ezethwele ngesikhathi evela esithombeni nomyeni wakhe kanye nogogo wakhe endaweni yangakubo eSeshego.

Lesi sithombe sivele kulandela imiphumela yokhetho loMasipala kanti imithombo esondelene noMalema izwakalise izinsolo ngalokhu.

Funda nalolu daba:Umndeni kaMalema umbambele isiguqo - Umbiko

Ebuzwa ngalokhu, uMalema uthe: “Imihlolo, phela mina angiyena usaziwayo futhi ngosiko lwesiPedi izindaba ezifana nalezi azikhulunywa.”

UMalema kanye nomkakhe abakhulumi nabezindaba mayelana nothando lwabo, ngisho sebeshada eminyakeni emibili eyedlule, abezindaba babelokhu benezinsolo kwaze kwafika usuku lomcimbi.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.