'Ubehlukunyezwa yisoka otholakale ebulewe'

2017-08-10 09:35

Cape Town – Umndeni waseKhayelitsha uthi ingane yawo okusolwa ukuthi ibulawe yisoka layo besekunesikhathi eside ihlukunyezwa ngumsolwa.

Umndeni ka-Aviwe Jam-Jam usithole ngasekuqaleni kwesonto isidumbu.

Isidumbu sakhe sitholwe e-Athlone ngemuva kokuba kubikwe ngoJulayi ukuthi unyamalele.

Lona wesifazane oneminyaka engu-26 ubudala wagcina ukubonakala ephuma emzini wesoka lakhe.

Umndeni kaJam-Jam uthi isoka lakhe, anengane nalo, belimhlukumeza u-Aviwe.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa iziboshwa ezeqe ziphuma enkantolo

“Umama ka-Aviwe wazama ukumxwayisa ngalokhu, kodwa wangalalela.”

“Umama wakhe wayekusola ukuthi ngeke [u-Aviwe] aphume kulobu budlelwane ephila ngoba isoka lakhe lalimsabiza futhi lake lacekela phansi ngisho nempahla yakhe,” kusho u-anti kamufi, uNondumiso Zizi.

UZizi uthi ingane yabo yake yabalekela ngisho ePitoli ngenxa yokuhlukunyezwa yisoka layo.

Amaphoyisa athi umsolwa uzovela enkantolo kungekudala.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.