Ubekhashwa ngudadewabo uCici enkantolo

2017-08-07 16:00

Johannebsurg - Ubekhashwa ngudadewabo umculi wakuleli uCici ngesikhathi evele eNkantolo yeMantshi yaseMidrand namuhla (ngoMsombuluko) ekuseni ngecala lokushaya.

UCici ogamalakhe lokuzalwa nguBusisiwe Twala ubesenkantolo ngecala lokushaya alivulelwa ngowayeyisoka lakhe u-Arthur Mafokate kulandela ingxabano eyayiphakathi kwabo, eyaphenduka udlame ngoJuni.

Lo mculi naye uvulele u-Arthur icala lokushaya.

OLUNYE UDABA:U-Arthur akazange amhlasele uCici: Umdansi

Ummeli walo mculi ucele ijaji ukuba icala lihlehliswe.

U-Arthur uvele kuyo le nkantolo ngoLwesihlanu olwedlule, icala lahlehliselwa umhlaka-18 Agasti.

U-Arthur ekhuluma neTshisaLIVE ngemuva kokuvela kafushane enkantolo, unqabile ukuphawula wathi lolu wudaba olubucayi.

"Ngincamela ukungaphawuli ngiye enkantolo ngiyogeza igama lami," usho njalo.

Ngesikhathi kuqhubeka ingxoxo emsakazweni iGagasi FM ngesonto eledlule, uCici uchazile ukuthi kungani ekhethe ukukhuluma ngalezi zinsolo zokuhlukunyezwa.

"Ngaphambi kokuba wumculi. Ngingumuntu. Angiliboni uphutha lokukhuluma ngokwenzeke kimi. Kufanele ngibatshengise abantu ukuthi kufanele bazikhulumele," usho njalo.

Icala lihlehlele umhlaka-22 Agasti 2017.

 - TWITTER:

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.