'Ubenekusasa elithembisayo umfundi oshayiswe yiloli washona'

2018-03-22 16:01

Cape Town - Umfundi waseMaitland Secondary owashona engozini uchazwe njengengane ebihlakaniphile futhi ebinekusasa elithembisayo.

UBianca Ngolli, 16, ushayiswe yiloli ngaphandle kwasesikoleni washona ngesonto eledlule.

Le ntombazane ibime onqenqemeni lomgwaqo ngesikhathi ishayiswa yinqola yeloli.

OLUNYE UDABA:Kushone oshayiswe yimoto ewela umgwaqo

Iloli kubikwa ukuthi belijika kuRoyal Road liyongena kuStation Road, libheke edepho yeziqukathi ngesikhathi kwehla lesi sigameko.

Uthishanhloko wesikole, uRiedwaan Kenny, uthe abafundi bakhe kanjalo nabafundi bakwesinye isikole samabanga aphansi basengozini enkulu ngenxa yobuningi bamaloli kulo mgwaqo.

"Kwesinye isikhathi amaloli apaka alandelane eceleni komgwaqo eyongena edepho. Inkinga wukuthi le migwaqo mincane kakhulu lapha ikakhulukazi uma sekuyizikhathi zokuphuma kwezikole."

UNgolli ubekwe endaweni yakhe yokugcina ngoLwesithathu.

Amaphoyisa aphenya isigameko sokubulala ngokungenhloso.

 - EWN

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.