Ubengaguli uGugu Zulu-Udokotela wakhe

2016-07-21 10:02

Johannesburg - Odokotela balinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze kuzotholakala imbangela yokushona kukaGugu Zulu obengumshayeli wezimoto zomjaho kuleli, kusho udokotela uRoxanne Schutte ngoLwesithathu womkhankaso iTrek4Mandela.

"Kufanele silinde imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu ukuze kuzotholakala uqobo lwembangela yokushona kwaGugu. Okwamanje ukuhlawumbisela kuwukuhlawumbisela," kusho uSchutte etshela abezindaba e-OR Tambo International Airport.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni umshayeli wezimoto zomjaho kuleli

USchutte ubeyilungu leqembu lalabo abebeqwala intaba iMount Kilimanjaro njengengxenye yomkhankaso weTrek4Mandela.

Lo dokotela uthe kwamshaqisa ukuzwa ngokudlula kukaGugu emhlabeni ngesikhathi esebuya phezulu entabeni.

"Ngesikhathi sizwa ngokdlula kukaGugu ngobusuku obulandelayo savele sashaqeka sonke. Ubengagulu nje. Ubenezimpawu ezingathi shu. Iningi labantu abebeseqenjini belinazo lezi zimopawu ezifana nezikaGugu."

UGugu ushone ngeSonto. Ukhale ngezimpawu zomkhuhlane ngesikhathi eqwala inataba nonkosikazi wakhe uLethego nezine izakhamuzi zakuleli.

Bebenesifiso sokufika phezu entambeni ngeMandela Day, ngomhlaka-18 Julayi.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.