Ubengithanda Shemmm uLundi: USomizi

2017-01-31 18:01

Johannesburg - Umdansi ophinde abeyijaji kuma-Idols SA uSomizi "SomGaga" Mhlongo ufake isithombe sakhe ennkakha yomculo wokholo uLundi Tyamara esihambisana nombhalo enkundleni yezokuxhumana i-Instagram emukhumbula.

ULundi udlule emhlabeni ngoLwesihlanu olwedlule kulandela ukugula isikhathi eside ephethwe yi-TB yesisu nenkinga yesibindi.

OLUNYE UDABA: Kuthinteke nendodana kaSfiso Ncwane ngokushona kukaLundi

USomizi uthe angase angabi nesiqiniseko ezintweni eziningi kodwa kulezo zinto uthando lukaLundi alubaliwe.

"Kunye vho enginesiqiniseko sakho ngoLundi, wukuthi ubengithanda, Shemmm! Nami futhi bengimuthanda kakhulu. Lolu suku wusuku lokugcina lokubonana kodwa kwakungesilo olokugcina lokukhuluma ocingweni.

"Lala kahle mntakwethu," usho kanje ku-Instagram, esithombeni abonakala kuso noLundi besendaweni yokuziwotawota.

USomizi uthe washayela uLundi ucingo ngalolu suku wamukhiphela andaweni yokuziwotawota.

"Sasikhuluma, sihleka sibe sidla isidlo sasemini. Lolu wusuku lokugcina esibonana ngalo," usho njalo.

ISITHOMBE:

 - The Citizen

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.