UBenni McCarthy uzothulwa njengomqeqeshi weqembu lePSL

2017-06-12 09:32

Cape Town -  UBenni McCarthy useqokwe njengomqeqeshi omusha weCape Town City FC kanti kulindeleke ukuthi ethulwe ngokusemthwethweni yile kilabhu esikhathini esingamahora angu-48 alandelayo.

Ngokokuqonda kweSport24, uMcCarthy ubambe indiza elibangise eCape Town ngoLwesihlanu ngenhloso yokuhlangana nomnikazi weCity, uJohn Comitis, baphinde baba nezingxoxo zokuthi bangalisa kanjani iqembu phambili kulandela ukusula isigubhukane kobengumqeqeshi walo, u-Eric Tinkler,  nogcine ethathe izintambo zokuqeqesha iSuperSport United.

Le nkakha eneminyaka engu-39 ubudala – nenomlando omuhle ebholeni lakuleli – izonikezwa umsebenzi wayo wokuqala njengomqeqeshi ngemuva kokuphothula izifundo ze-UEFA A coaching licence kanti kulindeleke ukuba abe ngabanye babaqeqeshi abakhulu esigabeni sePremier Soccer League (PSL).

OLUNYE UDABA: Owayeqeqesha iPirates ohlwini lwabagaqele umsebenzi kwelePSL

UMcCarthy useke wadlala e-Europe ngaphansi kwabaqeqeshi abahlukene abasezingeni lomhlaba – nokubalwa kubo uJose Mourinho – nalapho agcina ebe ukuphela komdlali waseNingizimu Afrika ukuthi awine isicoco seChampions League.

Ngaphambili uComitis wathi usebenza ubusuku nemini ukuthola umqeqeshi ofanelekile ozovala isikhala sikaTinkler futhi ukholwa ukuthi usemtholile umuntu ongaqhubeka nomsebenzi uTinkler ashiye engawuqedelanga.

“Umqeqeshi omusha kuzoba onomqondo ofanayo (noTinkler) mayelana nohlobo lwabadlali esibathengile kanye nendlela iCape Town City efuna ukudlala ngayo.

“Umqeqeshi esimkhethayo uzothatha umgqigqo esesiwakhile. Ngokuzilungiselela esengikwenzile, ngikholwa ukuthi kungenzeka ngithole osezingeni eliphezulu.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.