UBenni uthi uyawufuna owokuqeqesha iPirates

2017-01-27 10:01

Cape Town – Ngemuva kwezinsuku kuqagulwa, inkakha yomgadli waseNingizimu Afrika, uBenni McCarthy, usezwakalise ukuthi uyawufuna umsebenzi wokuqeqesha elinye lamaqembu amakhulu kuleli, i-Orlando Pirates.

Amabhakabhaka abelokhu engenamqeqeshi kusukela kwasula isigubhukane uMuhsin Ertugral ngoNovemba kanti njengoba no-Augusto Palacios ebelokhu ebambe njengomqeqeshi, uSihlalo wePirates, u-Irvin Khoza, ubelokhu ebheka umqeqeshi ozothatha izintambo ngokugcwele.

OLUNYE UDABA: IPirates isikaza ukubuyisa uBenni McCarthy

NgoMgqibelo, iThe Citizen ibike ukuthi u-Iron Duke usefake lo mgadli owayegijima kuMabhakabhaka ohlwini olufinyeziwe lwabantu azokhetha kubo umqeqeshi noluhlanganisa nalawo owayengumqeqeshi weFree State Stars, uGiovanni Solinas, kanye nomqeqeshi we-Uganda, uMilutin Sredojevic.

Kodwa-ke kubukeka sengathi uMcCarthy, uyena oyimfivilithi ekutholeni lo msebenzi ngenxa yesipiloyoni sakhe sokudlala kulezi zinkunzi zaseSoweto kanye nesimo somqondo sokuhlale unqoba ngaso sonke isikhathi njengoba esedlale ibhola emazingeni aphezulu.

“USihlalo yindoda ematasa kakhulu – akekho owePirates osakhulume nami. Bengingeke nginqabe ku-Orlando Pirates. Ukuba bazile kumina, bengizohlwitha lo msebenzi ngazo zombili izandla,” uBenni utshele iphephandaba iDaily Sunngemuva kokuphothula i-UEFA A License yakhe.

“Ngungaba isibusiso esikhulu kumina – futhi bengizoba njengoZinedine Zidane kanye noPep Guardiola abaqeqeshe amaqembu asebeke bawadlalela,” kuqhuba uBenni.

Uphinde wangeza ngokuthi ukusuka manje usezofaka izicelo zomsebenzi kumaqembu ebhola. “Sengikulungele ukuba umqeqeshi nokuqeqesha.”

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.