Uboshiwe obebophela izingane embhedeni osaba ukuthi zizodlwengulwa

2016-11-30 18:02

Benoni - Uboshiwe umama oneminyaka engu-24 ubudala osolwa ngokuhlukumeza izingane nokungazinakekeli kulandela ukutholakala kwezingane zakhe ziboshelwe embhedweni.

Kukholakala ukuthi lezi zingane beziboshwe kusukela ngo-7 ekuseni kwaze kwaba wukuthi zitholwa amaphoyisa ngo-3 ntambama.

Okhulumela amaphoyisa ase-Actonville uKaputeni Ramothakhi Maqabe uthe amaphoyisa alunywe  indlebe ngalo mama ngoLwesibili, kubika i-Benoni City Times.

OLUNYE UDABA:Umama 'ubulale' indodana eyikhipha amadimoni

“Uphenyo luholele ekutheni amaphoyisa afike kulo muzi oseWattville lapho okutholakale izingane ziboshwe izinyawo ziboshelwe embhedeni,” kusho uMaqabe.

Lo mama utshele amaphoyisa ukuthi ubophele lezi zingane embhedeni ngoba akekho umuntu ozosala nezingane futhi ubesaba ukuthi zingadlwengulwa.

Lezi zingane ngezamantombazane eyodwa inonyaka le enye ineminyaka eyisishiyagalolunye ubudala.

Zombili lezi zingane zihanjiswe endaweni ephephile lapho zizogcinwa khona njengoba umama wazo ezovela phambi kweMantshi yaseBenoni.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.