Durban – Zimkhalele owesilisa osolwa ngokubulala
owesifazane owayekhulelwe amawele, wase emebela i-fan, omakhalekhukhwini
abathathu no-R100, KwaNdaye Reserve, ngaseSikhawini.
USiphamandla Babo Dube, 36, usolwa ngokubulala uLindeni
Shamase, 26, owabulawelwa kwakhe egetshengwa ngoFebhuwari, kubika iZululand
Observer.
Amaphoyisa abophe ummangalelwa ngemuva “kokucetshwa”
ngumakhalekhukhwini kamufi.
Ubekwe icala lokubulala, kanti uvele eNkantolo yesiFunda
yaseSikhawini ngoLwesine, icala lahlehliselwa umhlaka-20 kwephezulu.
OLUNYE UDABA: Kubulawe osolwa ngokubamba owesifazane inkunzi
Kusolakala ukuthi uDube nayehamba naye bangenela umufi
nomkhwenyana wakhe, uThembinkosi Mbomvana Khumalo, 41, babafuna imali
bebakhombe ngesibhamu.
“Ngathi uma ngiphumela ngaphandlengemuva kokuzwa umsindo, ngangabona lutho, kwathi uma sengibuyela endlini ngathola amadoda amabili egcwele indlu, angikhomba ngesibhamu athi
angilale phansi,” esho.
Uthi abe esedlulela lapho kwakulele khona ingoduso yakhe
ayifuna imali, ase eyayidubula,” kulandisa uKhumalo.
UShamase wadutshulwa ekhanda wase eyashona.
Omunye umsolwa usagcwele amathafa.