Ubeseyizicucu umshayeli wendiza - Ozibonele

2017-09-28 18:00

Cape Town – "Isidumbu sakhe besesiyizicucu. Bengazi ukuthi akukho ebengisangakwenza ukumuhlenga," kusho isakhamuzi saseStrand esibone kuphahlazeka indiza ngoLwesine.

U-Azola Mxesibe, 25, wasemijondolo yaseWag 'n Beitjie eduzane nesikole iNomzamo High, eStrand, ngaphandle kwaseKapa lapho okuphahlazeke khona indiza, uthe uphuthume endaweni yesigameko, kodwa ubazi ukuthi angeke esakwazi ukusindisa umshayeli wayo.

UMxesibe uthe uyibonile le ndiza izungeza kabili endaweni emini ngoLwesine.

OLUNYE UDABA:Kushone oyedwa kuphahlazeka indiza e-W Cape

"Bekubukeka sengathi kukhona okungahambi kahle. Iyeke ukundiza phezu kwesikole yayophahlazeka phansi. Ngizwe umsindo omkhulu. Nezintambo zikagesi zenze umsindo ongajwayelekile ngoba zithintekile," kusho uMxesibe.

Uthe indiza isacazeke phansi yaba yizicucu, kwaqubuka umlilo omncane phansi.

"Ngeqe uthango lwesikole ngaqonda endaweni yesigameko, ngiyozama ukusiza. Isidumbu sendoda besesiyizicucu. Bengazi ukuthi akusekho engingakwenza. Amaphoyisa nabosizo lokuqala bafike ngokushesha," esho.

Izingane esikoleni zithe zizwe umsindo zase zibona indiza iphahlazeka.

NgoLwesine ntambama, owamaphoyisa omgwaqo eWestern Cape, uKenny Africa uqinisekise isigameko.

Indawo okwenzeke kuyo isigameko ibe isivalwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.