Ubhekane nemibuzo enzima uMaimane ezokhankasa eKZN

2017-05-18 14:07

Durban – Umholi weDemocratic Allaince uMmusi Maimane uthwale kanzima ngesikhathi evakashele eNquthu entshonalanga neKwaZulu-Natal ngoLwesithathu njengengxenye yomkhankaso weqembu ngaphambi kokhetho lokuchibiyela ngesonto elizayo.

INkosi yendawo, uFisukwazi Praisegod Hlatshwayo, umamukele uMaimane kodwa wamupheka ngemibuzo enzima mayelana nokuthi iDA yini eyenzela abaholi bendabuko kanye nokuthi leli qembu yini elingayenza uma lingase lingene kuhulumeni.

“Empeleni, ngifuna ukwazi ukuthi yini eyokwenzeka ebuholini bendabuko uma ngabe iDA iwina? Futhi kuzokwenzakalani ngodaba lomhlaba?” ubuze kanjalo ngaphandle kokugwegweza.

OLUNYE UDABA: UMaimane usephumele obala ngokuthi uzizwa kanjani ngombhalo kaZille

UMaimane uphendule ngokuthi iqembu lizolandela uMthethosisekelo wezwe odabeni oluthinta ubuholi bendabuko.

Kodwa-ke iNkosi Hlatshwayo ayizange ize igculiseke neze yile mpendulo kaMaimane.

INquthu yiwona kuphela umasipala ezweni owahluleka ukukhetha imeya kanye nabanye abaholi ngemuva kokhetho lohulumeni basekhaya olwalungo-Agasti ngonyaka odlule.

“Angeke kwenzeke ngaphansi kweDA ukuthi angeke siwahloniphe amakhosi,” kusho uMaimane, engeza ngokuthi leli qembu lizoqinisekisa ukuthi kuba nokumeleka ngendlela efanele kwamakhosi kuhulumeni futhi “lizolalela kakhulu abaholi bendabuko”.

Kodwa-ke uHlatshwayo uqhubekile nokugcindezela, wabuza ukuthi kungani iDA ingakaze ixhumane namakhosi endabuko noma isho noma ngabe yini kuwona ngaphambilini.

Kuze kwangenelela umholi weDA esifundazweni, uZwakele Mncwango, nothe leli qembu kunezinhlelo eselizibekile ukuze lixhumane kahle namakhosi. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.