UBheki Cele uvale yonke imizila yamatekisi aseMthatha

2018-03-28 12:29

eGoli - UNgqongqoshe wamaPhoyisa uBheki Cele usememezele ukuvalwa kwemizila yamatekisi aseMthatha esifundazweni i-Eastern Cape ngenxa yodlame lwamatekisi oluqhubekayo.

Imizila ethintekayo u-R61 kanye no-N2 bese kuba yiseMaclear nakuTsolo.

Kuthiwa bangaphezu kuka-60 abantu asebebulewe odlameni lwamatekisi kule ndawo kusukela ngo-2016, kanti siyanyuka lesi sibalo.

"Kumele kuqedwe nya ukungaziphathi ngendlela kwabasembonini yamatekisi uma kungenjalo, bazolahlekelwa ngamabhizinisi abo.

"Imizila ingeyabantu bakuleli lizwe futhi ngeke osomatekisi bazenzele umathanda ngoba befuna ukwenza imali," kusho uNonkululeko Phokane okhulumela uCele.

OLUNYE UDABA:I-KNZTA ithi seyenele uhulumeni

UPhokane uthi yonke imizamo yokubuyisana kayikaze iphumelele yingakho uNgqongqoshe esethathe lesi sinqumo esinqala ukuze kucace ukuthi umthetho ohamba phambili ngowoMbuso.

UCele uveze ukuthi unayo intshisekelo yokubamba umhlangano nabo bonke ososeshini bamatekisi abasebenzela kulesi sifundazwe.


NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.