Ubhodla umlilo owabanjiswa umkakhe ibhantshi

2016-07-14 16:01

Durban - Owesilisa,63, waseMpangeni ubhodla umlilo ngemuva kokuthola ukuthi izingane ezimbili kwezinhlanu akuzona ezakhe.

Lo mlisa uneminyaka engu-20  ahlala nomkakhe noneminyaka engu-56 ubudala yingakho exakekile ukuthi lokhu kwenzeke kanjani.

Lo mlisa ogama lakhe lingeke lidalulwe ngoba kuvikelwa izingane kwazise eyokugcina isencane, uthi ufuna yonke imali ayisebenzisa ukondla lezi zingane.

Lo mlisa obesebenza ngokushayela amaloli uthi wayenokuzwa ngabantu ukuthi kunezingane okungezona ezakhe ngoba wayehlale engekho ekhaya esikhathini esiningi.

OLUNYE UDABA:Owabanjiswa ibhantshi ubonga izinhlelo ezifana noTatakho

"Ngangilokhu ngiziziba izinkulumo zabantu ngokuthi kunezingane okungezona ezami, kodwa kwafika la ngicikeka khona ngahamba nomkami siyobona umuntu ohlolayo,"kusho yena.

Uthe le ngane yokugcina yayinenkinga yokugula kanti uchithe imali eningi eyihlabela ezama ukuyisiza ngoba kuthiwa ingenwa idlozi.

Uthi waze wabiza umhlangano wemindeni ebika ngenkinga nokuyilapho unkosikazi avuma khona ukuthi lezi zingane ezimbili zokugcina akuzona ezakhe, kubika iLANGA.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.