Ubhodla umlilo umzali osola uthishanhloko ngokushaya ingane yakhe

2017-09-08 07:00

Durban - Umzali wengane yesikole ufuna uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uthathe izinyathelo ngemuva kokuba indodakazi yakhe ibuye ekhaya ikhihla isililo, ithi ishaywe nguthishanhloko ngempama ngoba ingaziqhinile izinwele.

Umama wengane oneminyaka engu-40 ubudala waKwaMashu esigcemeni sakwa-J, enyakatho yeTheku, uthe indodakazi yakhe, 12, ibuye ekhaya ngoMsombuluko kubonakala ukuthi ishayiwe ebusweni.

Uthe ngaphambilini uke wabizelwa esikoleni ezobonana nothishanhloko, kodwa wangaphumelela ngoba ubengemuhle empilweni.

Ngesikhathi indodakazi yakhe ibuya ekhaya, yatshela umama wayo ukuthi uthishanhloko ungene ekilasini labo wafike wayikhomba wathi ayiye ehhovisi lakhe.

"Ithe ngesikhathi befika ehhovisi, uthishanhloko uvele wayithethisa wabe eseyithela ngempama esihlathini ngoba izinwele zayo bezingaqhiniwe," kusho lo mama.

OLUNYE UDABA:Uthi usephenduke inhlekisa esikoleni umfundi oshemuliwe

Uthe indodakazi yakhe ayilalanga ngosuku lwesigameko ikhala ngekhanda nendlebe ebuhlungu.

"Ngicabanga ukuthi ilimalile indlebe kanti ngisazoyihambisa kudokotela. Ngifuna uMnyango wezeMfundo ubhekane nalo thishanhloko," usho njalo.

Ngesikhathi abephephandaba iDaily Sun bexhumana nothishanhloko, uthe lo mama kufanele akhulume naye angabandakanyi abezindaba.

"Abafundi angibashayeli ukungaqhini izinwele. Engikushilo kulo mfundi ukuthi kufanele aqhine. Angizange ngimshaye," usho njalo.

Kodwa umama walo mfundi uyaphikelela ekutheni uthishanhloko uyishayile indodakazi yakhe.

"Uyaphika ngoba esaba uMnyango. Uhlezi ezishaya izingane zethu ngoba nakhu zingabantu abamnyama," kusho lo mama.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uKwazi Mthethwa, uthe: " Izigameko ezifana nalezi kufanele zibikwe ngokushesha. Umzali kufanele axhumane nehhovisi lesifunda."

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.