Ubhokode intombi ngommese wazibulala naye ngenxa yesikhwele

2016-08-04 10:00

Johannesburg - Usashaqekile namanje umphakathi waseMalukazi, eningizimu yeTheku, ngesihluku sesoka elibhokode ngommese intombi yalo maqede lazibulala nalo ngenxa yesikhwele, kubika iphephandaba ILANGA.

UThembinkosi ‘Nqo’ Mnguni ,27, ubesola ukuthi intombi yakhe, uNomfundo Pinky Mkhwanazi, isithandana nomunye umlisa, yingakho eyibulele, ngokwencwadi ashiye eyibhalile.

UNomfundo wakwa-U eMlazi kuthiwa ubehlala noThembinkosi waseFolweni emqashweni wabo eMalukazi.

Funda nalolu daba: Amaphoyisa ahlakaze ababhikishi ngezenjoloba

Iphephandaba lithi lithole ukuthi uThembinkosi ubengafuni ukubona intombi yakhe ikhuluma nomuntu wesilisa ngendlela abenesikhwele ngayo.

Kuthiwa bekuthi njalo intombi yakhe uma isimalile lo mlisa, ngenxa yokuhlukumezeka ebudlelwaneni babo, afike esekhala mi izinyembezi ezoyincenga ukuba babuyelane, ethi uma kungenjalo uzozibulala.

Intombizane kuthiwa kwesinye isikhathi ibikhala ngokuthi isoka layo lifuna nokuyibulala.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe kuvulwe amacala amabili ngokufa kwalezi zithandani kanti amaphoyisa ayaphenya.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.