Ubhubhudle imali yelobolo neshende

2016-07-15 14:30

Bulawayo – Owesifazane wakwaBulwayo, eZimbabwe, usolwa ngumyeni wakhe ngokudla imali yelobolo neshende lakhe, ngokusho kombiko.

UShupikai Patience Mutembo, 35, wahlukana nomyeni wakhe ngemuva kwengxabano ababa nayo, wathi uma efuna babuyelane kuzomele aqale phansi ayolobola kubo, kubika iBulawayo24.

Umyeni wakhe, uNicholas Matyukira, wazama ukuqongelela le mali wase eyifaka ku-akhawnti kaMutembo, kwathi uma eseyifuna wathola ukuthi uyibhubhudle neshende.

OLUNYE UDABA: Uthungele umuzi ngomlilo ofice umyeni ehlezi neshende

UMatyukira kuthiwa waqala ukusola ngesikhathi uMutembo engasafuni nemali ekubeni sekufike ilanga lokuthi ayovela kubo.

"Unkosikazi wami ubengijolela kanti lokho ngikuthole ngesikhathi sizama ukulungisa izinkinga zethu ezadala ukuthi sixabane,” kusho uMatyukira.

Uthi uyabona ukuthi unkosikazi wakhe usezama ngazo zonke izindlela ukuqeda umshado wabo weminyaka engu-8.

Leli cala lisezithebeni zenkantolo.

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.