Ubize indodakazi ngeqhawe ngokubulala uyise oyisidakwa

2016-08-10 16:03

Ohio - Intombazane eneminyaka engu-14 ubudala iboshelwe icala lokubulala kulandela izinsolo zokudubula ekhanda ubaba wayo, kusho amaphoyisa ase-Ohio.

Amaphoyisa aseCleveland athe abophe intombazane eneminyaka engu-14 ubudala uBresha Meadosws ngemuva kokusolwa ngokubulala uJonathan Meadows, 41, ekhanda.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owabulala omunye ngoba edelela inkolo yakhe

Le ntombazane ithweswe icala lokubulala. Ubresha uqgunwe ejele lezingane laseTrumbull County Juvenile DetentionCenter, usalinde ukufaka isicelo sebheyili.

Ngokusho kophenyo lwamaphoyisa isigameko senzeke ngoMsombuluko ngezithuba zabo-03:30 ekuseni emzini walo mndeni. Ngemuva kokubulala ubabab wakhe uBresha utshele umama wakhe ukuthi usengakhuluka manje.

Umama womsolwa uBrandi Meadows ubonge indodakazi yakhe ngokubulala umyeni wakhe wathi ubemhlukumeza futhi ubehlezi ecwile ezinkambini zikaFaro.

 UBreandi ubize uBresha ngeqhawekazi ngokugudluza umyeni wakhe weminyaka engu-18. UBrandi ube esevula ikhasi iGoFundMe ezinkundleni zokuxhumana ngenhloso yokuqoqa umnikelo wokukhokhela ummeli wendodakzi yakhe.

Njengamanje useqoqe imali engu-$20,000.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.