Ubizwe ngevaka uKomphela

2017-10-23 11:00

Durban - Ubizwe ngevaka umqeqeshi weKaizer Chiefs ezakhe zibambana ngo-0-0 ne-Orlando Pirates kowe-Absa Premiership ngoMgqibelo e-FNB Stadium, eSoweto.

IChiefs ayizange ibe nomdlalo omuhle ibhekene neBucs njengoba iningi labalandeli bayo ezinkundleni zokuxhumana beyisole ngokuthi ibipake ibhasi, kubika ILANGA.

UJabu Mahlangu oke wadlala kuyona iCheifs ukubeke kwacaca ukuthi uSteve "Mphathi" Komphela usebenzise amaqhinga egwala kulo mdlalo njengoba ezakhe bezihleli emuva.

OLUNYE UDABA: Akukho nami engingakwenza - Komphela

Uthi yiBucs kuphela ebibukeka ilambele ukuwina. Nokho uKomphela uthi ujabulile ngephuzu abalitholile yize bebengawunqoba lo mdlalo.

"Isiwombe sokuqala bekungesabo basixine kakhulu esiswini sangaba nazimpendulo. Kodwa-ke abantu bangakusho abakuthandayo mina ngijabule ngephuzu esilitholile.

"Besingawunqoba o mdlalo siwatholile amathuba yize abengewona oqekelele. Kulabo abebefuna amagoli ngiyazwelana nabo ngoba awazange abe khona," kusho uKomphela. 

NEXT ON NEWS24X

AB praises selfless skipper

2010-11-21 18:15

Inside News24

 
/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.